UMUSA KHAWULA AKADELI UKUQHUBA INTWALA NGEWISA

UMUSA Khawula osezakhele igama ngokubhala ngezindaba zosaziwayo ezihlambalazayo, ubukeka engenandaba ukuthi usahamba icala elibucayi.
UKhawula usanda kuvela enkantolo iRandburg Magistrate Court, lapho bekuqulwa icala abekwe lona le- hate speech, crimen injuria neviolation of the Cyber Crime Act. Ummeli wakhe u-Ofentse Nkgwang uthuse abaningi ngesikhathi eveza ukuthi ikilayente yakhe ayizimisele ukucela ibheyili.
Ngemuva kokuqulwa kwecala uKhawula ugijimele enkundleni yokuxhumana u-X waveza ukuthi ziningi izinto asedlule kuzo selokhu aboshwa ngo 13 January.
Uveze ukuthi ngemuva kokuxolisa esidlangaleni kusomabhizinisi uZee Nxumalo amsola ngokuthi wayejola yize ayeshade nowayengu Miss SA Tamaryn Green Nxumalo. “Esengikutholile ukuthi uNxumalo usekhokhele umseshi imali ebalelwa kuR75 000 ukuthi ngigqunywe esitokisini.” Ubuye waveza ukuthi amaphoyisa amfune imali yokugwaza kodwa washaya phansi ngonyawo. Usuke lapho wagadla kuNobhala we-ANC uFikile Mbalula, amchaze njengomlisa oqale ukusoka eseneminyaka engu 41, wathi inkosikazi yakhe nabangani bayo bahlezi lubhojozi njengoba bephenywa ngokukhwabanisa imali ebalelwa ku 45 million. Uvale ngokucela ukuphonselwa imali kwi account yakhe njengoba esembhidlangweni wokunqoba leli cala.
