BAZONCIKISWA “KWEYAMAPHARA” ABAFUNA UKUBUKA IFAYINELI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
SEKUPHOQE ukuthi kulungiswe i-Albert Park ekuyindawo edume ngokuhlala amaphara eThekwini, ukuze abathandi bebhola abangawatholanga amathikithi bakwazi ukubuka khona ifayinali yeNedbank Cup ngoMgqibelo.
Abalandeli bebhola basakhala bayazithulisa ngokusindwa izinyawo bafika esedayiswe aphela amathikithi omdlalo phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ozodlalwa e
eMoses Mabhida Stadium ngempelasonto ntambama.
UDkt Vusi Mazibuko oyiPhini lomkhandlu weTheku uthe. “IDolobha lithathe isinqumo sokuhlanza indawo i-Albert Park okuyindawo leyo ebingcolile kakhulu, inhloso ukuba kubukelwe kuyona lo mdlalo wamanqamu. Enye indawo kuzoba iseBeach Front, ngalokho asifuni abantu abangenawo amathikithi besondele enkundleni abahambe beyobuka kulezi zindawo”.
UDkt uMazibuko uveze nokuthi inkundla izoba sesimweni esihle yize bekukade kunezinto ezimbili ebezenzeka kuyo esontweni elilodwa. Kuqale ngempelasonto kwaba nedili lomcimbi womculo iDurban Music Festival okade kukhona kuwo umculi waphesheya kwezilwandle uRick Ross kwaphinde kwadlala iPirates neLamontville Golden Arrows koweBetway Premiership ngoLwesibili.
Eqhuba uDkt uMazibuko udlulise umyalezo wokuthi abantu uma bengenawo amathikithi bengazixaki ngokuza enkundleni, kodwa labo bantu banazo izinhlelo zabo.

