KUTUSWE UBUHOLI BUKA-SHINGA KOWABESIFANE KWALULWANE

UNGQONGQOSHE uShinga ngesikhathi eyovuselela isikhungo semabhizinisi, ebesesinganakiwe. ISITHOMBE: KZNDSD
ANELE ZUMA
UCHONYWE uphaphe legwalala umphakathi waKwaLulwane KwaMhlabuyalingana, uNgqongqoshe wokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Mbali Shinga, ngesikhathi eyogubha usuku lwabesifazane basezindaweni zasemakhaya nokusongwa kwe DSD Month okunguMfumfu, izolo.
Umphakathi wakule ndawo, izinduna namakhosi babonge banconcoza kungqongqoshe, balibeka ngembaba elokuthi kuyaqala ukwenzeka lokhu, ngoba bahlala benganakiwe.
INduna yakule ndawo uMnuz Bheki Tembe ubonge uNgqongqoshe uShinga ngobukhona bakhe kule ndawo, ukuzoletha intuthuko nokukhuthaza ukusetshenziswa kwezandla, ukuxosha ikati eziko.
“Ngizokhuluma nje iqiniso, selokhu kwathi nhlo , ngisho kusaphethe obaba asikaze sibone ngisho oyedwa ungqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi enyathela la kule ndawo . Ngijabule kakhulu ukubona uNksz Shinga njengo Ngqongqoshe osibeka phambili nathi njengo mphakathi wasemakhaya,” kuchaza iNduna uTembe
