SELIDUMELA EMANSUMPENI ZIWUSHAYE KWIZITHANDANI ZEMINYAKA EYI-20

UMBIKO:
BUSISIWE ZONDI
KUQINISIWE uma kuthiwa, konke kunesikhathi sakho. Injabulo ibibhalwe ebusweni kwizithandani ezithembisene umshado nezizowushay a maduze nje.
UNkz Mpume Msomi ubonge obeyisoka lakhe leminyaka ngokwenza iqiniso.
“Ngyabonga myeni wami Mshibe ukungenzela iqiniso. Ingaphezu kweyishumi iminyaka siphusha kunzima, kodwa namhlanje silapha kulesisigaba somshado. Impela isikhathi sika Nkulunkulu asifani nesethu”, esho.
UMnu Khehlo Luthuli okungumkhwenyana ogile izimanga amasonto elandelana. Ufike wazi shaya zonke ngempela sonto leya, waphinda wabuya kwelandelayo esezombesa, wakhipha nendandatho yokuthembisa umshado. UKhehlo odume ngelikaMshibe uthe cha, bese kuyiso isikhathi sokumthatha uMaSingila.
“Mide leminyaka sindawonye iya ku 20. Bekunezikhathi ezimnandi nezibuhlungu, sidubane kodwa sibuye sibuyelane. Anginanazi ukuthi umkami uzowuvusa umuzi kaBaba noMama kwazise useyayazi nenqubo migomo yakithi. Thina ekhaya singamaZulu phaqa. Amasiko neSintu siphila ngakho, manje yena useyayazi yonke imithetho. Nomndeni wonke wami usijabulele kakhulu”, kusho yena.
Lomcimbi ubuhanjelwe omakhelwane nabangani abakhule nalezizithandani. Imindeni yomibili ibonakalise ukubambana kakhulu. UMfundisi Sam Nyasulu obuye abe yilunga lalomndeni, ubusise umcimbi wabo ebayala ngokuthi konke lokhu okwenzekayo akusiyo inhlanhla okanye ngoba bengcono, kodwa kungumusa kaNkulunkulu, ngakho umusa kaNkulunkulu uniselwa ngomkhuleko ukuze ungashi.
