ACHONYWE UPHAPHE LEGWALAGWALA AMAQEMBU ASEKZN.

UMHLONISHWA uMntomuhle Khawula uhalalisele amaqembu asesifundazweni saseKZN ngemiphumela emihle yeNedbank Cup.
ISITHOMBE : Sports, Arts & Culture
MALIBONGWE MAZIBUKO
UNGQONGQOSHE woMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMntomuhle Khawula, usethumele amazwi okuhalalisela emaqembu ebhola aKwaZulu-Natal, iMilford FC kanye ne-Durban City FC, ngemuva kokuthi ezibekisele indawo kowandulela kowamanqamu emqhudelwaneni weNedbank Cup ka-2026.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi womabili la maqembu ekhombise ukusebenza kahle emidlalweni yamaquarter final, okube nomthelela ekutheni aphakamise ifulegi lesifundazwe saKwaZulu-Natal kulo mqhudelwano kazwelonke. UKhawula uthe impumelelo yalamaqembu ikhombisa ukukhula nokuthuthuka kwebhola esifundazweni, wengeza ngokuthi kuyajabulisa ukubona amaqembu aseKZN enza kahle emqhudelwaneni omkhulu kangaka.
Kowandulela owamanqamu, iDurban City FC izobhekana neCasric Stars, kanti iMilford FC yona izotholana phezulu neTS Galaxy. UKhawula uthe kukhona ithemba elikhulu lokuthi kungase kube khona umdlalo wamanqamu ozobandakanya amaqembu womabili aKwaZulu-Natal uma eqhubeka nokudlala kahle.
Ugqugquzele abalandeli bebhola esifundazweni ukuthi baqhubeke nokweseka la maqembu njengoba emele isifundazwe ezingeni likazwelonke, wathi impumelelo yawo ayigcini nje ngokujabulisa abalandeli kodwa iphinde ikhuthaze intsha ukuthi ibambe iqhaza kwezemidlalo.
Uma la maqembu eqhubeka nokukhombisa ukuzimisela nokuzikhandla, iKwaZulu-Natal ingase ibe nethuba lokubona enye yezindebe ezinkulu zebhola eNingizimu Afrika ibuyela esifundazweni.
