KUGXEKWE UMQEQESHI WE-SUNDOWNS NGESETHENJWA EBHENTSHINI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
KUGXEKWE umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso ngokungabopheli isithenjwa sekilabhu uThemba “Mshishi” Zwane kwifayinali ye-CAF Champions League enqotshwe iPyramids FC eCairo e-Egypt ngeSonto. ISundowns yehlulwe ngo 3-1 Uma sekuqhathaniswa imiphumela yemilenze yomibili. Bekunesiphithiphithi ezinkundleni zokuxhumana umdlalo usaqhubeka abalandeli bebhola, ngisho abangayilandeli iSundowns, bebuza ukuthi ingabe uCardoso umfuyeleni ebhentshini. Nasemlenzeni wokuqala owawusePretoria, uZwane wafakwa sekuhambe iskhathi kodwa wafika wawushintsha umdlalo owaphela ngo 1-1.
Bekulindeleke ukuthi uzoqaliswa owayizolo kodwa kuthuke wonke umuntu uZwane engaphonswa ensimini ngesikhathi kubonakala ukuthi sekudingeka ubuhlakani bakhe ukuhlakaza udonga obungalufanisa nolwaseJerikho ngendlela obeluyingangamela ngakhona.
UCardoso uphinde wagxekwa ngokuqalisa uTashriq endaweni yabagadli esikhundleni sikaPeter Shalulile onamava kule midlalo. UTashriq wephule izinhliziyo zabakuleli ngesikhathi egeja “uqekelele” wethuba ephaselwe kamnandi ebhokisini insephe uRibeiro.
Ukuphuza ukushintsha kwalo mqeqeshi wasePortugal kugxekwe njengoba sekungene uShalulile noLebo Mothiba umehluko ubonakele njengoba labo mpetha abasha base-Egypt bese bephefumula ngamapayipi. Sekungokwesibili uCardoso ehlulwa kwiChampions League njengoba kwenzekile ekwi-Esperance yaseTunisia ngesizini edlule. ISundowns, ebisophe ukunqoba le ndebe ihlandla lesibili njengoba yayiphakamisa ngonyaka ka-2016, isizogxila kumalungiselelo e-FIFA Club World Cup ezodlalwa e-USA emasontweni azayo.
