Uncategorised

KUBUYE STAGE-6 WE-LOADSHEDDING

UMBIKO: AKHONA DLAMINI

U-ESKOM ubuyise kabusha ukucisha-konga kukagesi ka-Stage 6 eNingizimu Afrika, kusukela namuhla.
Lokhu kuphazamiseka kukagesi kulandela, uchungechunge lokuhluleka kwesiteshi sokuphehlimandla sikagesi obekungalindelekile.
Bathi lokhu kuqale ngokucisha-konga kwa-stage 3, okuvele kwadla amagalani kwangeni ku-6 emahoreni ambalwa.
Isikhulu esiphezulu sakwa-Eskom, uDan Marokane sikhuluma nabakwaNews24, uthe bebengakaze benze ukucisha-konga kukagesi, kusukela ekupheleni kwenyanga eyedlule.
“Isinqumo sokudlulela ku-Stage 6 saqhutshwa uhambo oluningi esiteshini sikagesi saseCamden. Lo mzuliswano wakamuva wokucinywa kukagesi ulandela isikhathi lapho izinto bezihamba kahle” kusho uDan Marokane
Uveze ukuthi lokhu kucisha-konga kwenziwe izingqinamba zesikhashana.