SEKUPHELE UNYAKA UMKHWANAZI ADEDELA AMABHOMU EZINSOLO EZISHAQISAYO

UMKHUZI waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ngesikhathi ebambe isithangami sabezindaba ngonyaka odlule. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
NAMUHLA kuphela unyaka uMkhuzi waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, adedela amabhomu ezinsolo ezishaqisayo zobugebengu obuhleliwe, inkohlakalo nokugxambukela kwezepolitiki emsebenzini wamaphoyisa.
Izinsolo ezenziwa uLt General Mkhwanazi zadala umsindo ezweni lonke, zaholela ezingxoxweni ezishubile, uphenyo olunzulu, ukuboshwa kwabanye abantu kanye nokusungulwa kweKhomishini kaMadlanga ephenya ngalezi zinsolo. Ezinyangeni eziyi-12 ezedlule, kwethulwe ubufakazi obuhlukahlukene, ubufakazi bofakazi, nenqubekela phambili enomthelela kwizinhlaka zezomthetho nobulungiswa eNingizimu Afrika.
