Uncategorised

INDIDA UMLINGISI EVUKA KWABAFILEYO

UMBIKO:AKHONA DLAMINI

USEKUBEKE kwacaca owayelingisa kwi-Rhythm city ukuthi izindaba zokuthi ushonile zingamampunge. U-Ishmauel Songo owayedume ngelika Sabelo kwiRhythm City ukhiphe i-video ku-Tiktok eqinisekisa kubantu nakubalandeli bakhe ukuthi uphila njengosheleni.
Kule video uSongo ubebukeka engumqemane futhi zimhlekisa lezi zindaba.
Uveze nokuthi sekuyizikhawu eziningana kufakwa izindaba ezingamampunge ngaye ezinkundleni zokuxhumana.
“Kwaqala kwathiwa ngidla izidakamizwa ngihlala emgwaqeni, baphinde bathi ngilahlekelwe umuzi, akugcinanga lapho njengoba sekuthiwa ngishonile manje. Abantu abakhululeke angikazukufa manje, kuningi okusamele ngikwenze,” kusho yena.
Uphethe ngokuthi akazuvulela muntu icala kodwa abantu abaqaphele izinto abazifakayo ezinkundleni zokuxhumana.