Uncategorised

UFIKE KWEZWAKALA UNDLUNKULU OKAMAYISELA KOWAMAGANU

ISITHOMBE:SPHAMANDLA MBHELE

UMBIKO: AKHONA DLAMINI

UKUVELA kokaNdlunkulu wokuqala uKaMayisela, esigodlweni seSilo uMisizulu kaZwelithini, kuthuse abaningi.
Lokhu kulandela ukungabonakali kwakhe emicimbini yasendlunkulu ngonyaka odlule nokugqigqa kwakhe izinkantolo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngenyanga eyedlule bekudingidwa ezomshado wakhe neSilo.
Khona futhi ngonyaka odlule kwethulwa uKaMyeni njengondlunkulu waseMachobeni okwakungesinye sezigodlo ezazabelwe iNdlovukazi uMaDlamini (unina weSilo), lokho okwanika ithemba lokuthi lesi sigodlo sizobuyelwa isithunzi.
Amehlo ebethe njo ekutheni bazobhekana kanjani ukaMayisela obehlaliswe eduze kweSilo noKaMyeni obebekwe qekelele nomama.
INdlulamithi ngesikhathi yethula inkulumo, ituse ukuba khona koMkhosi waMaganu, oklame indima ekwehliseni ukukhulelwa kwezingane