OWE-SPRINGBOK UPHAWULE NGESOKUQEQESHA. I-NEW ZEALAND

URASSIE Eramus uphumele obala ngofanele ukuqeqesha i-All Blacks.
ISITHOMBE : BBC
MALIBONGWE MAZIBUKO
UMQEQESHI oyinhloko weSpringboks, uRassie Erasmus, uveze umbono wakhe ngesikhala sokuqeqesha iqembu lesizwe laseNew Zealand.
Ama-All Blacks asalokhe engenamqeqeshi kusukela mhla ziyi-15 kuMasingana, ngesikhathi iNew Zealand Rugby (NZR) imemezela ukuthi obengumqeqeshi, uScott Robertson, useyishiyile isikhundla sakhe ngokushesha.
Njengoba kuqhubeka izingxoxo emhlabeni webhola lombhoxo mayelana nokuthi ubani ongathatha lesi sikhundla. U-Erasmus ubuzwe ngabaqeqeshi ababili abahamba phambili, uJamie Joseph noDave Rennie.
Ekhuluma nabezindaba baseNingizimu Afrika ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, uErasmus uthe uJoseph ungomunye wabaqeqeshi abanolwazi olunzulu, eveza ukuthi wake wadlala naye futhi unomlando omuhle wokusebenza kanzima. Uphinde waveza ukuthi abadlali nabanye abaqeqeshi abake basebenza noJoseph bahlale bekhuluma kahle ngokuzinikela kwakhe nokwenza abadlali bazizwe bekhululekile.
Nokho, u-Erasmus uphinde wancoma noRennie, ethi naye ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu ongakwazi ukuphatha iqembu elikhulu njenge-All Blacks.
U-Erasmus uphethe ngokuthi akulula ukukhetha phakathi phakathi kwalaba baqeqeshi bobabili, kodwa noma ngabe kukhethwa bani, uzoba yisinqumo esihle eqenjini laseNew Zealand.
