EZOKONGIWA KWEMVELO ZINENDIMA EKUTHUTHUKISENI UMNOTHO

UMBIKO: ANDISWA MCHUNU
EZOKONGIWA kwemvelo namaxhaphozi kuklama indima enkulu ekuthuthukiseni umnotho emkhakheni wezokuvakasha, ikakhulukazi ezindaweni ezakhele iziqiwi.
Lokhu kuvezwe uMnuz Sibusiso Bukhosini oyisikhulu esiphezulu kwinhlangano eyengamele ukongiwe kwezemvelo nezindawo ezingamaxhaphozi ebizwa ngokuthi Isimangaliso Wetland Park, ngesikhathi kunomcimbi weGlobal Wildlife Programme eMkhuze.
UMnuz Bukhosini uthi izinhlelo zokongiwa kwemvelo azigcini nje ngokulondoloza imvelo kodwa zidlala indima enkulu ekuthuthukiseni umnotho emkhakheni wezokuvakasha.
“Kunezinhlelo ezehlukahlukene esinazo zokuthuthukisa imiphakathi eyakhele iziqiwi. Kuyasithokozisa ukubona imiphakathi isizakala izuza kulezinhlelo., “ kusho UMnuz Bukhosini.
Uthi inhloso yomcimbi wokuzobhunga ngokubaluleka kokongiwa kwezemvelo nokuthuthukiswa komnotho ezinhlelweni zokuvakasha
Uveze ukuthi bazoqinisa amaxhamu okusebenza nemiphakathi, ngenhloso yokubafundisa ngokubaluleka kokongiwa kwemvelo namaxhaphozi, namathuba zokuthuthukisa umnotho ezindaweni zasemakhaya.
UMnuz Bukhosini wamukele izihambeli ezingaphezulu kwama- 20, eziqhamuka emazweni angaphandle
