Izindaba

KUHLONISHWE USOMAHLAYA NGOKUSIZA AMACIKO KOWAMA-INK AWARDS

INDONDO ahlonishwe ngayo uPro Ndlovu. IZITHOMBE: STHEMBISO PRO NDLOVU

AKHONA DLAMINI

KUHLONISHWE osezakhele igama endimeni yezobuciko uSthembiso Pro Ndlovu, onguSomahlaya, uMbhali wezincwadi nonguMsakazi weNanda FM, kuma-INK Awards, ngenxa yendima ayiklamayo ekuthuthukisweni nasekuqhakambiseni kwamakhono namaciko asakhula.

Le nsizwa edabuka kwelaseMgungundlovu okunye ebongwe ngakho kuma-INK Awards, ukuvulela amaciko asakhula iminyango emisakazweni, ikakhulukazi kwiNanda FM. Kulo msakazo uye abonakale unikeza ithuba amaciko lokuthi aziwe kangcono ngokuthi axoxisane nawo ezinhlelweni zakhe, aphinde adlale nomculo wawo ukuze ufinyelele kubantu.

“Ngifisa ukuqala ngibonge uNkulunkulu ngamandla kanye nothando lokuqhubeka nomsebenzi wokusiza abantu, ngaphandle kwakhe angilutho. Le ndondo ayigcini nje ngokuba igugu kimi, kodwa iphinde inginike umfutho nokuzethemba kokuqhubeka nomsebenzi wokweseka nokuthuthukisa amaciko asakhula,” kubeka uNdlovu.

Udlulise ukubonga ethimbeni lama-INK Awards nakubo bonke abakholelwa kuyena nasemsebenzini awenzayo.