Uncategorised

OWASE-KZN WENQABE ISIZUMBULU SIKA-72 MILLION

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
Umusamedia1 @gmail.com

ISIKHULU seRichards Bay FC senqabe isizumbulu sikaR72 million ebesinunuselwa sona ngokudayisa le kilabhu yaKwaZulu-Natal.
Ukudayiswa kwezitifiketi zamakilabhu akuPremier Soccer League sekufana nento efana nokuthenga isinkwa espaza shop kule zinsuku njengoba kusanda kwenzeka kudayiswa iSuperSport United esizokwaziwa ngeleSiwelele FC.
USifiso ‘Jomo” Biyela utshele abezindaba ukuthi ngoLwesibili ekuseni ushayelwe ucingo ngomunye umuntu angeke amdalule wamnunusela ngetshe lemali efuna adedele iRichards Bay, eyenze kahle ngesizini edlule njengoba iqede kwi-Top 8 ngesizini ezoqala maduze.
“Ngithintwe othile wathi udinga ngokushesha iqembu wathi uzonginika uR60 million futhi izongena ngokushesha. Uphinde wangitshela ukuthi benganginika futhi uR12 million nosekungaba kumina ukuthi ngiyasithenga yini isitifiketi sokudlala kwiNational First Division. Ngibatshele kwezikabhoqo angeke ngiyenze leyonto mina. Kunabantu abangalazi ifagugu, okuyinto leyo ehlala ungunaphakade. IRichards Bay FC akuyona eyami kodwa eyabantu baseKing Cetshwayo yonkana. Uma kuthiwa ngiyalidayisa leli qembu kusho ukuthi kumele ngisuke lana ngiyohlala eGoli, ngingababhekelwa ubani abantu balapha eKing Cetshwayo.”
Eqhuba uthe. “
“Singafike sikhale iminyaka eminingi kangaka ukuthi iqembu lidlalela eThekwini, kuthi sekuvelile ukuthi selizobuyela lapha eRichards Bay bese ngiyalidayisa. Kobe umuntu akabenzi ubulungiswa kulabantu akade besuka njalo bezosiseka eKing Zwelithini Stadium.”
Uthe sebelangazelele ukuthi imidlalo yasekhaya bayigijimele eMhlathuze Sports Complex njengoba sekusele kancane ukuthi iphasiswe yi-PSL ukuthi ikulungele ukusingatha imidlalo yale Ligi. Kumasizini amadlule iNatal Rich Boyz beyidlalela eMlazi imidlalo yayo yasekhaya, nekuyinto eligugisile iphakethe layo.