IBOHLOLOLO USOMGAGA ESEKA UNGIZWE

AKHONA DLAMINI
INKULUMO ebilumela nedonse amehlo abantu abaningi, esuswe uNgizwe Mchunu ‘Drama King’ eyibhekise kwizitabane efake igama likanontanda kubukwa uSomizi Mhlongo, iphele ngebohlololo.
Ukuvumelana kukaSomizi nenkulumo kaNgizwe ebigxibha abathandana nobulili obubodwa ngokugqoka imvunulo kaZulu, kususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana, abanye bayichaze ngokuthi mekungamele nje uSomizi agibeze uNgizwe emakhanda, abanye bayithathe ngokuthi USomgaga ufuna ukuthula.
USomizi Mhlongo uphumele obala ku-live wakhe ku-instagram evumelana noNgizwe Mchunu owaziwa nge-“Chunu” mayelana nokubaluleka kokuhlonishwa kwemvunulo yesintu.
Umsindo usuke ngemuva kokuthi iChunu likhiphe i-vidyo lithuka abantu abathandana nobulili obufanayo (LGBTQI+), ebatshela ukuthi abaphume baphele kuleli.
USomizi ugcizelele ukuthi labo abathintekile enkulumweni ye-Chunu, baluphathe kahle lolu daba bengabe besakhuluma nakancane ngalo, yize ibathukuthelisile inkulumo yalo.
Uphinde walibonga iChunu ngomsebenzi walo lokuvikela amasiko nemvunulo yesintu.
Akagcinanga lapho uphinde walidodisa iChunu, walicela ukuba lifunde ukukhuluma nabantu ngesizotha, lingavele liphahluke budlabha ngoba lokho kudala umsindo ongenasidingo.
