Uncategorised

UNTULI UTHI I-KZN IBIZWE NGEGAMA LOWESIFAZANE

UNDUNANKULU waseKZN, uMnuz Thamsanqa Ntuli, echaza ngegama elikaMthaniya

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli, oNgqongqoshe, neziMeya bekhanyise amakhandlela bekhumbula abesifazane abamasha ngonyaka ka-1956. IZITHOMBE: KZNDSAC

NOMCEBO NGEMA

UHLUBE udlube ekhasini uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngesikhathi elandisa izinkumbi zabantu ngomlando walesi sifundazwe, esibuye sibizwe ngelikaMthaniya, ngesikhathi kunomcimbi wokugubha usuku lwabesifazane, eJeffrey Zungu Sports Ground ngaphansi kukaMasipala iJohannes Phumani Phungula, eXobho, ngeSonto.

UNtuli uthe iNdlovukazi uMthaniya kaManyelela, wayeyiNdlovukazi yeNkosi uJama noZulu wonkana. “Amathambo ale Ndlovukazi uMthaniya alondolozwe emaKhosini oNdini, iyona kuphela etshalwe kule ndawo okutshalwa kuyo amakhosi ohlanga. Lolu kwakuwuphawu lwenhlonipho uZulu ayenalo ngomuntu wesifazane, nangaleNdlovukazi uMthaniya. Namanje abantu abaningi basasho ukuthi kukwelikaMthaniya ngoba owesifazane wanikezwa indawo yokuhlonishwa. Akulona ihaba ukusho ukuthi ukuthuthuka, nempumelelo yanoma yisiphi isizwe kuncike kakhulu ekutheni abantu besifazane baleso sizwe baphethwe kanjani. Isibindi, uthando, ukukhuthala kwabantu besifazane kuyikhubalo nesithako esimqoka esizweni,” kusho uNdunankulu uNtuli.

Uqhube wathi kulenyanga kaNcwaba babungaza bonke abantu besifazane, okubalwa abangekho ebuholini, abangekho kwipolitiki nabangafundile njalo njalo. Uthe kukhona iphutha elenzekayo lokucabanga ukuthi lolu suku olwabesifazane abathile, kanti cha akunjalo, lolu suku olwabo bonke abesifazane abavela kuyona yonke imikhakha, ezenkolo, imiphakathi yamabala ehlukahlukene.

“Namuhla sibungaza iminyaka engama-70 lapho abesifazane bamasha bephebeza isandla esasinonya sobandlululo. Sibungaza iqhaza, nesibindi sabesifazane abenza into enkulu eyazamazamisa uhulumeni wobandlululo, kulaba besifazane sithi izandla zedlula ikhanda ngabasenzela khona.Mina ngiyakholelwa kubantu besifazane. Kusukela kumama ohlezi ekhaya ngoba ekhulisa isizwe, bakhulisa izingane, baphinde bakhulisa abaholi bakusasa,” kusho uNdunankulu uNtuli.

Kulo mcimbi uNdunankulu uMnuz uNtuli, oNgqongqoshe, neziMeya babe sebekhanyisa amakhandlela njengophawu lokukhumbula nokuhlonipha abesifazane abamasha ngonyaka ka-1976.