Uncategorised

KUKHUZE EYENGQUTHU YOMGUNYATHI

ANELE ZUMA

INKOSI Nsikayezwe Zondi yesizwe saKwaMpumuza eMgungundlovu ukhuze omama ngokufuna inkomo yengquthu, lapho eyayisibhubhudliwe uma kuganiselwana.
Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma emcimbini iSiyaya Emhlangeni waseMgungundlovu obuhanjelwe izintombi zomasipala abangaphansi kwalo mkhandlu.
“Emacaleni onke engake ngawaqula okumitha kwamantombazane, ufica ukuthi kufunwe ingquthu kodwa uma selisha icala kuyaye kucace ukuthi intombazane ibingagadiwe, kodwa umama ufuna ukuhlomula edle ngale ngane ebe engasebenzanga.”
Uqhube wathi ezinye izimbali zibuniswa ngabazali bazo ngokuthi bangazinakekeli. “Kungumsebenzi wethu sonke njengabazali ukuthi lezi zimbali sizigcine zizinhle kanjena kunokuba zibe umhlambi kazalusile,” kusho Inkosi Zondi.
Inkosi uZondi igcizelele ukuthi kungumsebenzi wesizwe sonke njengabazali ukulekelela oNomehlo ukugqugquzela izimbali, futhi kuwumthwalo wezinsizwa nobaba ukugcina lezi ngane zizinhle.
“Siyazi ukuthi kukhona omama abakhohlakele, umama oyaye athi mina sengiyoze ngiguge ngingagonanga, ihlazo lelo elishiwo umzali. Kukhona futhi omama abahlulwa ukugcina izingane zabo. Sidinga omama abazogqugquzela ngoba kungumsebenzi wanoma imuphi umama ukuthi ayihlole ingane yakhe angathi iyohlolwa uNomehlo kuphela, ” isho