URIVEIRO UCHAZA NGEJAKHETHI YOTHANDO

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
UMQEQESHI uJose Riveiro osanda kushiya i-Orlando Pirates useveze okokuqala ukuthi kungani ubebonakala egqoke ijakhethi yemvula ekhakhi bese ibe nombala omnyama emahlombe.
Imvamisa abaqeqeshi bajwayele ukugqoka imifaniswano yamajezi amaqembu awo kodwa lo mqeqeshi waseSpain yena ubevamise ukwenza okuhlukile kweminye imidlalo.
Ngemuva komdlalo wakhe wokugcina lapho iPirates ixebula khona iLamontville Golden Arrows ngo 3-0 koweBetway Premiership eGoli ngoLwesithathu, uRiveiro ubuziwe ngalo mkhuba wakhe wokugqoka le jakhethi ne-tracksuit eyibhlukwe lakwa-Adidas. “Hawu uyazi abantu bahlale bengibuza ngale jakhethi. Iyisipho esivela kumkami.”
Abaningi bakholwa wukuthi le jakhethi ibimnika izinhlanhla kwazise ushiye kwiPirates eyinqobele izindebe ezinhlanu kumasizini amathathu awahlalile kuyo. Omunye umqeqeshi owayenomkhuba wokugqoka ihembe elimhlophe uHerve Renard ngesikhathi eqeqesha iqembu lesizwe laseZambia kwi-Africa Cup of Nations eminyakeni edlule. Wazivumela yena ukuthi leli hembe limnika izinhlanhla kanti waligqoka futhi esehola iMorocco kwi-FIFA World Cup komunye unyaka yize agcina ngokunganqobi lutho.
Uma sibuyela kweyokuqeqesha iPirates siyanda isibalo sabantu abamataniswa nalesi sikhundla. Sekuvele igama likaBruno Ferry waseFrance oseke waqeqesha i-AS Vita yase-DR Congo nasemaqenjini aseMiddle East. Omunye ovelayo ngu-Amir Abdou waseComoros oseke waqeqesha iqembu lesizwe laseMauritania.
