Uncategorised

INJULA YOLWAZI KOWE-IZIKO EMPUMALANGA

STHEMBISO PRO NDLOVU

UBUJULE ngolwazi olunzulu owochungechunge lwe-Iziko Art International Book Fair Festival njengoba ubuhambele e-Unit 6 Hammarsdale eThekwini izolo, ngenhloso yokugqugquzela ukubhala nokufunda okuyingxenye yokulondoloza ulimi lokhokho ukuthi lungashabalali.

UNkk Nompumelelo Khumalo ongumbhali ngaphansi kwenhlangano yokubhala Usiba uthe kubalulekile ukuthi intsha izijwayeze ukufunda izincwadi ngoba ulwazi oluthola encwadini luhlala njalo kuwe.
“Intsha ayibe ngabangani nokufunda izincwadi zabanye ababhali ukuze izogqugquzeleka ekubhaleni futhi izinothise ngolwazi. Ube esekhuthaza ukuthi ilalele futhi bahloniphe ngokufana esikoleni nasekhaya ngoba esikoleni uthola imfundo bese ekhaya uthole imfundiso, “ kubeka uNkk uNompumelelo.
Ube esenxusa ababhali ukuthi balethe imisebenzi yabo ku-Usiba njengoba benamathuba okubhala, ukushicilela namafilimu.
UMuntomuhle Mcambi okuyinkampani yakhe ehlela lo mcimbi we-Iziko Art International Book Fair Festival ugqugquzele intsha ukuthi ilusebenzise kakhulu ulimi lomdabu uma libhala.
“Miningi iminyango evulekayo uma ubhale ngolimi lwakho okubalwa kuwo imincintiswano eyenziwa uMnyango Wezemidlalo Namaciko Namasiko KwaZulu-Natal, edinga ababhali abasebenzisa ulimi lwesizulu, “ kuchaza uMathaba.
Ukhuthaze abafundi ngokubenzisa inkulumo engalungiselelwe lapho ebabuze khona ngezincwadi zesizulu abazifunda esikoleni, nebala abafundi batshengise ikhono eliyisimanga, ekuhlaziyeni amanoveli kanye nezincwadi zezindaba ezimfishane abazifunda ezikoleni zabo

.