Uncategorised

ISUKILE LASUKA LAHLALA E-KZN

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

KUBUYE ithemba kubantu baKwaNyavu eMkhambathini, kulandela ukuvulwa ngokusemthethweni kwenkundla yezemidlalo iBanqobile Sportsfield.
Lokhu kuvulwa kwale nkundla kuyingxenye yochungechunge lohlelo i-Isukile, elenziwa uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, oholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula.
UNgqongqoshe uKhawula uthi inhloso yalolu hlelo ukuhlonza ithalente entsheni, bese liyakhuliswa.
‘IsiZulu sithi inkunzi isematholeni, yingakho sigxila kakhulu entsheni. Sithuthukisa ithalente sibuye silikhulise lize lithuthukiselwe ezingeni elingcono,” kusho uKhawula.
Uveze ukuthi inhlosongqangi ukwandisa nokusabalalisa izingqalasizinda zezemidlalo nezobuciko eziseduze nomphakathi.
iBanqobile Sportfield inezinkundla zebhola likanobhutshuzwayo, ibhola lombhoxo, ikhilikithi ne-netball, inkundla yokuzilolonga kanye nezindlu zokushintsha.

Kusukela kwesobunxele iMeya Ntombela, uNgqongqoshe uKhawula neNkosi uMdluli. IZITHOMBE: LINDA MSOMI