Uncategorised

IGCAGCELE ESOKENI KU-NTULI NGO-MKHWANAZI

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli noMkhuzi waMaphoyisa esifundazweni uLt General Nhlanhla Mkhwanazi. ISITHOMBE: KZNOTP

NOMCEBO NGEMA

KUGCINE kuye njengamagama kaNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, okufisa kubuyisa ihlandla lesibil, uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, njengoba uMkhuzi wamaPhoyisa kuZwelonke Lt Fannie Masemola, esememezela ngokusemthethweni.

UHulumeni waKwaZulu-Natal oholwa uNdunankulu Thamsanqa Ntuli , uthi ukweseka ngokugcwele ukuvuselelwa kwenkontileka kaMkhuzi waMaphoyisa esifundazweni uLt General Nhlanhla Mkhwanazi.

Uthi bazibophezele ukusebenzisana eduze namaphoyisa, ukuze kuqhubeke uzinzo nokulwa nobugebengu esifundazweni saKwaZulu-Natal.

“Ngonyaka odlule ngabhalela uMkhuzi waMaphoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola, ngeseka ukuvuselelwa kwenkontileka kaMkhuzi waMaphoyisa uLt General Mkhwanazi, ebizophela ekupheleni kwalenyanga. Ukubambezeleka kokuphothulwa kwalolu hlelo, bese kudale ukwesaba kwabaningi njengoba izigebengu zazi ukuthi lapha KwaZulu-Natal, alufakwa futhi akudlalelwa khona. Ngikweseka ngokugcwele ukuvuselelwa kwenkontileka kaMkhwanazi,” kusho isitatimende sehhovisi likaNdunankulu uNtuli.