U-HUGO UPHONSELE UMKHELELE INSELELO YOKUYOFUNDELA UKUQEQESHA

UHUGO NOMkhelele. ISITHOMBE:FACEBOOK
MABUNHLE MLABA
UMQEQESHI weBafana Bafana, u-Hugo Broos, usezwakalise ukukhathazeka ngokungabi neeziqu zokuqeqesha kumsizi wakhe uHelman Mkhalele, nakuba eseke wamugunyaza ukuthi athathe izintambo ngokugcwele.
UBroos, osekuqinisekisile ukuthi uzokwehla esikhundleni sokuqeqesha iqembu lesizwe uma kuphela inkontileka yakhe, ngemuva kweNdebe yoMhlaba ka-2026, uthe uncamela uMkhalele kube nguye ethatha izintambo kuyena.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-73 ubudala waseBelgium, ugcizelele ukuthi uMkhalele owazakhela udumo egijima kwiBafana Bafana, kumele azithuthukise ngezifundo zokuqeqesha, ngoba lokhu kungase kuphazamise uhlelo lwakhe lokukhuphula iqembu.
“Uma kuzoba nguye ozothatha izintambo uma sengihambile lokho kokwenza ukuthi kungaqalwa phansi kwakhiwe kabusha. Into engiyithanda ngaye ukuthi indlela acabanga ngayo iyefana neyami. Ngiphakamisa ukuthi kumele enze izifundo ze UEFA Pro License. Uma ungenazo lezo zicucu angeke ukwazi ukuqeqesha iqembu lesizwe,” kuhso uBroos.
