
‘OQOLA’ NGENDLUNKULU UPHIKA EYOKUNGAZIWA ISILO

UMNTWANA uLondi Ngcamu uMaZulu, osolwa iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngokuthi uqola amamiliyoni ngegama lakhe. ISITHOMBE:FACEBOOK

UMNTWANA uBusani waKwaMandlakazi, okunguyena oqokelwe ukufaka izicelo zoxhaso lwaseNdlunkulu. ISITHOMBE:ZETHU PHOSWA

ISILO samabandla uMisuzulu kaZwelithini eMkhosini woMhlanga eMashobeni.
ISITHOMBE: SPHA MBHELE
OWAMI THABETHE
UPHIKA eyokungaziwa yiSilo owesifazane osolwa ngokuqola ngegama leSilo, kulandela ukuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini, sidlulise ukukhathazeka ngabantu abazenza abantwana baseNdlunkulu, abaqola abantu imali.
ISilo sikuveze lokhu kuMkhosini woMhlanga ngosuku lwesibili, eSigodlweni eMashobeni, lapho sibike khona ukuthi kukhona uLondi Ngcamu nalowo ozibiza ngogogo, abaqola ngegama laso.
“Kunabesifazane ababili abahamba beyokhokhisa amakhosi endabuko nosomabhizinisi imali, ngegama lami. Labantu abanamahloni ngokuqola ngami. Ngifuna izwe lazi ukuthi angibazi laba besifazane. UMntwana uBusani waKwaMandlakazi, okunguyena oqokelwe ukufaka izicelo zoxhaso lwaseNdlunkulu kaZulu,” kubeka iSilo.
Sithe uma kukhona okusolisayo, kumele kubikwe ngokushesha eHhovisi leSilo noma emaphoyiseni.
ULondi Ngcamu odume nokusebenza nezokuthutha ikakhulukazi amaloli, njengoba ejwayele ukwenza izingqungquthela ezinkulu ezofaka nezokuthutha, uthe iSilo sishelele ulimi uma sithi asimazi, ngesikhathi eziphendulela ezinkundleni zokuxhumana.
