Uncategorised

BAZOBHEKANA NENDLALA OMAHLALELA ABACHITHWE KWEYESIBONELELO SIKA-R350

USASSA uchithe inqwaba yezicelo zika-R370, ngenxa yemininingwane engahlangani. ISITHOMBE: SASSA

NOMCEBO NGEMA

BANGAPHEZU kuka-10 000 abantu bakuleli abangasebenzi, okuchithwe izicelo zesibonelelo sabo sika-R370, ngonyaka wezimali ka-2025/2026. Lokhu kuvezwe oyiBamba njengoNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwelonke uNkk Sindisiwe Chikunga, ngesikhathi ephendula imibuzo ePhalamende.

Uthe kwafakwa izicelo ezingaphezu kuka-18 000, kwaphasiswa ezabantu abangu-7 800 kuphela. Uthe izizathu zokuchithwa kwezinye izicelo kubalwa ukutholakala kwezinye izibonelelo, enye imali umuntu ayitholayo, ukungapheleli kwemininingwane nokungahambisani kwemininingeane efakiwe.

“ Lesi sibonelelo sihlose ukusiza abantu abaswele kakhulu, angeke sibe isixazululo saphakade. Labo abachithiwe basenalo ithuba lokufaka izikhalo zingakapheli izinsuku ezingama-90, ukuze izicelo zabo zibuyekezwe yithimba elizimele,” kusho uChikunga. Uqhube wathi uhulumeni uyaqhubeka nokuhlola ikusasa lalesi sibonelelo, okwamanje sizoqhubeka kuze kube uNdasa ngonyaka ozayo.