Uncategorised

USGWILI UZOVAKASHELA ABAFUNDI ABAPHILA NOKUKHUBAZEKA

USGWILI Zuma ozohambela abafundi base-Arthur Blaxal School.

NOMCEBO NGEMA

UZOSHESHE ufike ukhisimuzi kubafundi base-Arthur Blaxal School njengoba namhlanje bezovakashelwa inhlangano engenzi nzuzo yesihlabani somculi wokholo uSgwili Zuma.
I-Albinism Arise Foundation ngokubambisana neGraceGate Media And Arts, iSibiya Funerals no-Umusa Events, namhlanje bazovakashela abafundi abaphila nokukhubazeka okubalwa ukuphazamiseka ngokomqondo kanye nokungaboni emehlweni.
Echaza inhloso yokuvakashela leskole uSgwili uthi njengoba labafundi sebeqedile ukubhala izivivinyo zabo zokuphela konyaka sebezohamba baye emakhaya, babone kubalulekile ukuthi babajabulise ngaphambi kokuthi bahambe.
“Sizojabulisa labafundi, sihlale nabo ukuze nabo babone ukuthi bayathandwa futhi sibakhathalele. Sifisa nokwakha ubudlelwane obude nalesi isokole sabo,”kusho uSgwili.
Uthi njengoba kade egubha iminyaka engama-20 esemculweni ‘Sgwili20YearsLaterCelebration” mhlazi-8 kuLwezi, eRoyal Show Ground, eMgungundlovu labafundi babemenyiwe ukuthi babe ingxenye yalendumezulu yomcimbi futhi bafika banandisa ngolozolo lomculo.