I-ARROWS IQOPHE UMLANDO NGO-MLANDO (15)

ISHAYELWE ihlombe i-Arrows ngokusayina umdlali osemncane oneminyaka eyi-15 eqenjini ELIKHULU. ISITHOMBE: DISKI TIMES
MALIBONGWE MAZIBUKO
IQEMBU lebhola laKwaZulu-Natal iGolden Arrows liqophe umlando ebholeni laseNingizimu Afrika, kulandela ukusayina mfana oneminyaka eyi-15, lokho okwenze lashayelwa ihlombe yiwo wonke umuntu ngale ngqophamlando.
Lo mdlali onyelwe inyoni ezandleni uMlando Mtshali (15), ongowokuqala ozogijima namaqembu amakhulu, adlala kwiPremier Soccer League.
UMtshali osephenduke isilomo ezinkundleni zokuxhumana, usefakwe esikwatini seDstv diski challenge.
I-Arrows ihlwithe lomdlali onamava eqenjini abelidlalela iRoyal Brotherhood FC. I-Arrows ibona lo mfana ngesikhathi ivakashele esikoleni sakhe iJG Zuma High School eNanda.
Umqeqeshi uManqoba Mgqithi uthi uzimisele ukunika uMlando ithuba eqenjini elidala uma isikhathi sesifanele.
