INHLOKOMO UKHUZANI EVUMBUKA PHANSI KWESTEJI KOWE-GCWALISA

UKHUZANI Mpungose ngesikhathi ephefoma. IZITHOMBE: INDLAMLENZE

IZINKUMBI zabalandeli beNdlamlenze zithamele le ndumezulu yomcimbi.
NOMCEBO NGEMA
KUNCONYWA ubuchule bomculi kamaskandi ngokuqhamuka nezinto ezihlukahlukene minyaka yonke ezishiya abantu bengawuvali umlomo, uma kunemicimbi yakhe, kulandela ukuthi kumcimbi iGcwalisa Spring Picnic, evumbuke ngaphansi kwesteji, izolo.
UKhuzani Mpungose odume ngeleNdlamlenze emculweni kamaskandi unconyiwe ngobuhlakani bakhe bokuqhamuka nento entsha, ehlukile minyaka yonke kulo mcimbi
Abalandeli bakhe bathi uma uKhuzani engehlanga phezulu endiza, kuba ingqephu ezamazamisa iNingizimu Afrika yonke njengoba izolo evele wavumbuka ngaphansi kwesteji kwaduma inhlokomo, kwaqhunyiswa iziqhumane.
Ngesikhathi ekhuluma nezinkumbi zabalandeli bakhe uKhuzani, ubonge uthando kanye nokumeseka kukho konke akwenzayo.
“Ngidlulisa ukubonga okukhulu into eningenzela yona, niyalenza iqiniso kumuntu uma nimthanda,” kusho uKhuzani.
Ube esekhombisa abalandeli bakhe izindondo ezimbili aziwine phesheya kwezilwande eLos Angeles, eMelika okungeye- Best Independent Artist e-Afrika kanye neyeBest Male Artist e-Afrika kuma-Hollywood and African Prestigious Awards (HAPA).
Lo mcimbi obuxhaswe uMnyango wezeMidlalo, wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula obekhona, abakwaMTN neBlack Mobile.
Abaculi ebebeshiyelana inkundla kulomcimbi kubalwa uNaledi Aphiwe, Betusile, uFalabo, uGatsheni, uMafikizolo, Nkosazane Daughter, Eemoh, Izingane Zoma, uMenzi kanye nabanye abaningi.
