ITHEKU LETHULE ISITIMELA ESINESIVININI ESIYA EGOLI

UMEYA uCllr Cyril Xaba uthi iGoli ngeke lisahlupheka uma lidilika, njengoba sekuzokuba nesitimela esinesivinini esizosuka eThekwini siya eGauteng.
SANDILE MAKHOBA
KUMENYEZELWE isitimela esinesivinini esiyisimanga (Bullet train), esizosuka eThekwini siye eGoli , lesi sitimela sizohamba amahora amathathu nje kuphela.
Lokhu kumenyezelwe uMeya weTheku uMnu Cyril Xaba, emcimbini abenawo nabahleli bezindaba e-Octivia Hotel eNanda namuhla.
Uthi lesi sitimela kuhloswe ngaso ukuqinisa ezokuvakasha eThekwini. “Uma uthola umsebenzi eGoli asisekho isidingo sokudayisa umuzi wakho eThekwini, njengoba ungakwazi ukubuya njalo ngeMpelasonto,” esho . UMeya Xaba uphinde wethula ezinye izinhlelo zika masipala zakulo nyaka . Uncome kakhulu abezindaba ngokubhala kahle ngeTheku kulamaholidi adlule, nathe kulo nyaka esiphuma kuwo ezokuvakasha eThekwini zikhuphuke kakhulu . “Amabhishi ethu abegcwele echichima, sibonge nje kwabezindaba ukuthi kulokhu bebebika okuhle kodwa ngedolobha laseThekwini “ esho. Okhulumela amaciko KwaZulu-Natal uDJ Sobz uncome abahleli bemicimbi ngokuqasha kakhulu abendawo. “Yonke imicimbi ebiyenzeka amaciko ethu bebewabeka phambili, bese bethatha imbijana ngaphandle,” kusho uDJ Sobz.
