UJERRY POOE UCACISA NGOSUKU I-AFRICA DAY

UJerry Pooe weWushwini Pan African Centre eNanda. ISITHOMBE: ZETHU PHOSWA
NOMCEBO NGEMA
U-JERRY Pooe weWushwini Pan African Centre, uthi usuku lokubunfaza usuku lokuba ama-Africa, kubakhumbuza ukuthi babuyakuphi, bayakuphi.
Usho lokhu namuhla ngesikhathi uhulumeni waKwaZulu-Natal ubungaza usuku i-Africa Day, ePlayhouse eThekwini.
UPooe uthi kubalulekile ukuthi abantu base-Africa bahlangane ngoba bathembisa ukuthi ukubumbana kwabo yikhona okuyokwenza baphume ebugqileni.
“Umlayezo wamamashi anokuthula anxenxa abokufika ngokungemthetho kuleli ukuba bahambe ucacile njengoba futhi bekucacisa ukuthi abakuleli ngokomthetho bavumelekile ukuthi bahlale. Lokhu okwenzekayo kubuyela emlandweni wethu ukuthi namanje abantu base-Africa bagijima beze kwelakuleli ngoba kubi emazweni abo kuyahlushekwa nokuthi ondlebe zikhanyilanga umnotho usengakubona. Silithathile izwe, sabusa kodwa umnotho ukubelungu. Bazolokhu besijumpulela ebese sibanga khona lokhu okuncane esinikwe khona. Laba abanezimvumo ezisemthethweni abahlale nathi,” kuphetha uMnuz Pooe.
