Izindaba

KUZOKWETHULWA USONKONTILEKA EVRYHEID

IPHROJEKTHI ezokwethulwa yiMeya uSifiso Mkhwanazi. ISITHOMBE:SITHUNYELWE

AKHONA DLAMINI

KULINDELEKE ukuthi iMeya kaMasipala waBaQulusi, uCllr Sifiso Mkhwanazi, yethule ngokusemthethweni usonkontileka omusha ozokwakha ibhuloho i-EmaRasteni Bridge .

Lo mcimbi uzoba kusasa, mhla ziyi-8 kuMandulo 2026, ngehora lesi-08:00 ekuseni, eBhekuzulu.
IMeya uMkhwanazi ithe lo msebenzi uzoba negalelo ekuthuthukiseni ingqalasizinda, nokwenza ukuhamba kwabantu kube lula emphakathini waseBhekuzulu.

Kumenywa umphakathi bayamenywa ukuthi ubeyingxenye yalo mcimbi obalulekile.