KUGXEKWA UMALEMA NGOKUGXIBHA UMKHWANAZI

UMKHUZI waMaphoyisa uLt General Nhlanhla Mkhwamazi ogxekwe uMengameli we-EFF uMnuz Julius Malema.

UMENGAMELI we-EFF uMnuz Julius Malema ogxeke uMkhuzi waMaphoyisa KwaZulu-Natal.
NOMCEBO NGEMA
BAHLUKENE phakathi osopolitiki ngodaba lukaMengameli we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnuz Julius Malema, lokugxeka uMkhuzi waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi , njengoba emsola ngokuthi uzama ukumfaka ezingxabanweni zangaphakathi zamaPhoyisa, ezithinta iNhloko yeCrime Intelligence uFeroz Khan.
UMbuyiseni Ndlozi onguMhlaziyi ezepolitiki, owayenguMkhulumeli we-EFF , uphumele obala ezinkundleni zokuxhumana wanxusa abantu baseNingizimu Afrika, ukuthi bavikele uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal,.
UNdlozi uthi ukungavikelwa kwabantu abadalula inkohlakalo, kungaholela ekutheni izwe libe isizinda sobugebengu nezidakamizwa.
UNdlozi ubhale kanje: “Hands off Lt General Mkhwanazi,” kusho umbhalo kaNdlozi.
UFikile Mbalula onguNobhala kuzwelonke we-African National Congress (ANC), ubhale umbhalo oweseka uMkhwanazi ezinkundleni zokuxhumana.
Uthi uMkhwanazi uyiphoyisa elithembekile futhi abantu kufanele bavumele iKhomishana kaMadlanga iqede umsebenzi wayo, wokuphenya ngaphandle kokugxeka amaphoyisa angenacala.
