OMAMA BESIVIVANE BAFUDUMEZE UNDLUNKULU UKAMAWEWE

ANELE ZUMA
BAJABULELE ukunyathela esigodlweni okokuqala omama abangoNomehlo, ngesikhathi kunoMkhosi Wesivivane, esigodlweni eMashobeni KwaNongoma ngoMgqibelo.
UNkk Nompumelelo Khawula waseMzumbe uthe bakuthokozele kakhulu ukuzokotha UNdlunkulu uKaMawewe, waphinda wancoma omama oNomehlo ngokusukumela phezulu ukwakha isizwe.
“Siyathokoza kakhulu ukuthi sizokotha uNdlunkulu uKaMawewe sinyathela okokuqala kulesi sigodlo singomama besivivane. Sithi nje sizokweseka uNdlunkulu wethu. Okukhulu sithokozela ukuhlangana ngaloluhlobo singabantu besifazane ngoSuku Lwabesifazane,” esho.
Uthe okubabulekile ukuthi sizothekelana ngolwazi.
“Njengoba sihlangene sizododisana, sibonisana ukuthi lezi ngane zethu ezizoya emhlangeni sizikhulisa kanjani. Kubalulekile ukuthi sakhane siphume siyimbumba. Kubalulekile ukuthi sikhulise izimbali zethu, ukuze ngelinye ilanga zibe ngomama besivivane abaqotho abanokuzethemba. Sizomeseka uNdlunkulu wethu njengoba kumele ayihambe lendlela sekulula sesicentile amabibi,” esho.

IZITHOMBE: NONTSIKELELO MHLONGO
