Uncategorised

KUBOSHWE ISOSHA NABANGAMA-58 ABEBESHAYELA BEPHUZILE NGEMPELASONTO

ISOSHA elikhalelwe amasongo kaSigonyela ngokushayela liphuzile. ISITHOMBE: KZNDOT

NOMCEBO NGEMA

UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma, ushayela ihlombe amaphoyisa omgwaqo, ne-Operation Shanela ngokubopha abashayeli abanga-59, okubalwa nesosha lakwa-SANDF ngempelasonto ngokutholakala beshayela bephuzile.

ISosha liboshwe ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso iNenzaniLaEzweni eMnambithi.
Kulo mkhankaso kuphinde kwaboshwa nomshayeli wetekisi otholakale enezinga lotshwala eliphindwe ngama-20 kunalelo elivunyelwe ngumthetho.

Abanye ababoshiwe kubalwa umhlengikazi, uthisha, iData Capture, uQuality Surveyor wakwa-Eskomi kanye nomsebenzi wakwa-Human Resources.

UNgqongqoshe uDuma unxuse abashayeli ukuthi bahloniphe imithetho yomgwaqo, bagweme ukushayela bedakiwe ngoba lokho kubeka izimpilo zabantu engozini.