Uncategorised

ITHINTE ABANINGI I-VIDEO YOBETHWESWA IZIQU E-UKZN

UNOKUTHULA Dlamini obethwesa iziqu eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.

UNOKUTHULA Dlamini anga umama wakhe, uLindiwe Dlamini emcimbini wokwethweswa iziqu.
IZITHOMBE: UKZN

PHUMELELE DLAMINI

ISHIYE abantu abaningi becweba izinyembezi ivideo kaNokuthula Dlamini, esabalele ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi ethweswa izuqu ze-Bachelor of Arts Honours in Sociology eNyuvesi yaKwaZulu-Natal. UNokuthula oneminyaka enga-24 ubudala ubonakale kwivideo egqoke izimpahla zakhe ezijwayelekile okuyinto engalindelekile, njengoba bekungumcimbi omkhulu wezifundiswa, abantu abaningi begqoke izingubo zikanokusho.

Lo owesifazane ongowokuzalwa eMgungundlovu, unguzinyobulala kunina, uthi wakhuliswa ngunina ngemali abeyithola ekudayiseni emgaqweni, futhi ubesazi isimo sezimali ukuthi asisihle ekhaya ngakho ke uqunge isibindi wagqoka anakho ngoba engafuni ukukhathaza umama wakhe.
Uthi uhaqwe imizwa yenjabulo wakhala ngesithi ethweswa iziqu esiteji, ngenxa yokucabanga usizi abhekane nalo ukuze athole lezi ziqu, ubonge abasenyuvesi abamsiza ngezinto abezidinga njengokudla nangendawo yokuhlala ngesikhathi esafunda.
Ube esebonga kubo bonke abantu basezinkundleni zokuxhumana abafinyelele kuye bacela ukumxhasa ukuze naye azizwe efana nezinye izifundiswa ebezithweswa iziqu. Ukhuthaze abafundi ababhekene nezinselelo zezimali, ngokuthi baqhubeke bafunde bangazivumeli zibavimbe ekufezeni amaphupho abo.