UMNDENI KA-UNATHI MKHASIBE UFUNA UBULUNGISWA NGOKUSHONA KWAKHE

BANXUSA amaphoyisa ukuthi enze uphenyo olunzulu ukuze kutholakale iqiniso. ISITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
UMNDENI wakwaMkhasibe nowakwaMyeza, uthe ufuna ubulungiswa kulandela ukushona kuka-Unathi Makhosonke Mkhasibe oneminyaka engama-25, ngoMgqibelo zingama-25 kuNtulikazi ngesikhathi eyiswe KwaMadlokovu Bootcamp eRichmond, KwaZulu-Natal.
Ngokusho komndeni, u-Unathi wayeyiswe kule ndawo, ngenhloso yokuthola usizo lokwelashwa nokufundiswa inhlonipho. Umndeni uthe ugcine usuthola izindaba ezibuhlungu zokuthi u-Unathi ushonile kodwa izizathu eziholele ekutheni ashone abazitsheliwe, zibashiya nemibuzo eminingi. Uthe usola ukuthi u-Unathi washaywa ngesikhathi ekwibootcamp, ngoba ukulimala okuthiwa wakuthola yikho okwaholela ekushoneni kwakhe.
Banxusa uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, ukuthi uphenye ukusebenza, ukubhaliswa nokuhambisana kwemithetho kwalesi sikhungo,, amaphoyisa ukuthi enze uphenyo olunzulu neNational Prosecuting Authority (NPA) ukuthi ithathe izinyathelo zomthetho kunoma ngubani otholakala enecala.
