Izindaba

KUNCONYWE INTOBEKO KU-SHINGA

ESINYE sezipho ezilethwe uShinga eHlahlindlela temple.IZITHOMBE :NFP Update

OWAMI THABETHE

UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal ophinde abe nguSihlalo weNational Freedom Party(NFP) , uNksz Mbali Shinga, ukhombise intobeko nokungaqhakambisi isikhundla, ngesikhathi ebuyela endaweni azalelwa kuyo e-Umzumbe eyolula isandla emphakathini, ngokunikela ngezipho eHlahlindlela Temple lamaNazareth, ngoMgqibelo mhla zingama- 17 kuMfumfu.

Lokhu kuvakasha kugqamise ukubaluleka kokungazikhohlwa izimpande nokubuyisela emphakathini okukhulisile kungakhathalekile ukuthi usefinyelele kuliphi izinga empilweni.UMshumayeli waseHlahlindlela Temple, uMshumayeli Mhlongo, uzwakalise ukubonga okukhulu kuShinga, uthe ibandla nomphakathi bakujabulele kakhulu ukubona ukuthi akabakhohliwe yize esenomsebenzi omkhulu, wokuhola umnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni.

“Sikhungathwe injabulo ngokubona ukuthi uNgqongqoshe akasikhohliwe, yize esenemithwalo eminingi yemisebenzi esikhundleni asiphethe. Siyabonga ngokusikhumbula nangokuqhubeka nokusivakashela”, kusho uMhlongo.

UShinga uveze ukubaluleka kokuqinisa ubudlelwano nezenkolo ekwakheni imiphakathi enokuthula.

“Siyakuqonda ukubaluleka kwezikhungo zezenkolo ekwakheni imiphakathi enobunye, enokuthula. Ukusebenzisana kwethu nabaholi bezenkolo kubalulekile kithi ekuthuthukiseni izimpilo zabantu, nasekubhekaneni nezinkinga ezibhekene nemiphakathi yethu”, kusho uShinga.

Ukuvakashela kukaShinga endaweni yangakubo kuqinise umyalezo wokuthi ukuthuthukiswa komphakathi kuqala ngokusondelana nabantu, ukulalela izidingo zabo kanye nokweseka izikhungo ezidlala indima ebalulekile ezimpilweni zabo.