Uncategorised

SELINGOMPETHA BASE-AFRIKA IQEMBU LAKULELI

INQOBE umqhudelwano iCAF Champions League iMamelodi Sundowns emva kweminyaka eyishumi.
ISITHOMBE: TotalEnergiesCAF

MALIBONGWE MAZIBUKO

IMamelodi Sundowns isithweswe umqhele wokuba ngompetha beCAF Champions League ngemuva kokunqoba iqembu laseMorocco i-AS FAR Rabat ngo 2-1 sekuhlanganiswe yomibili imidlalo yamanqamu.
Le mpumelelo iqede iminyaka eyishumi iSundowns ilinde ukuphinde inqobe isicoco esikhulu sebhola lase-Afrika, njengoba yagcina ukusiphakamisa ngo-2016 ngaphansi kowayengumqeqeshi Pitso Mosimane.
Umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, ubonakale ethinteka kakhulu emoyeni ngemuva kokukhala kwempempe yokugcina, kulandela isizini ebimfakela ingcindezi enkulu nokugxekwa ngabalandeli nabahlaziyi bebhola mayelana nobuholi bakhe.
Lo mqeqeshi wasePortugal ubenengcindezi enkulu ngenxa yokungagculisi kweqembu ekuqaleni kwesizini, kodwa ugcine ehole iSundowns empumelelweni enkulu yezwekazi nokuthulisa abagxeki bakhe.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uCardoso uncome abadlali bakhe ngokuzimisela, ukuzithiba kanye nokusebenza kanzima abakukhombisile kuwo wonke umqhudelwano, ethi le ndebe iwumphumela wokusebenza ngokuzikhandla kweqembu lonke.
Ngokunqoba iCAF Champions League, iSundowns iphinde yaqinisekisa indawo yayo kwiCAF Super Cup, FIFA Intercontinental Cup kanye neFIFA Club World Cup lapho izomela khona iNingizimu Afrika nezwekazi lase-Afrika emhlabeni wonke.
Kulindeleke ukuthi ompetha abasha base-Afrika babuyele eNingizimu Afrika ezinsukwini ezimbalwa ezizayo lapho izinkulungwane zabalandeli kulindeleke ukuthi zibamukele ngenjabulo enkulu.
Le mpumelelo iphinde yaqinisa isithunzi seSundowns njengamanye amaqembu amakhulu futhi aphumelele kakhulu ebholeni lase-Afrika.