UNDLOZI UNCOME URAMAPHOSA MAQEDE WASULA KWI-EFF

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UKWESULA kukaDkt Mbuyiseni Ndlozi eqenjini i-EFF ebesehlale kulo iminyaka eyi-11, kwenze ziqine izinsolo zokuthi uzojoyina i-ANC.
Lokhu kubhoboka kukaNdlozi ukwenze kwinhlangano yezindaba iSABC ohlweni iMorning Live namuhla.
uNdlozi wenza lesi simemezelo sokusula kwakhe nje, usanda kuncoma uMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa , ezinkundleni zakhe zokuxhumana. Wamncoma nangesikhathi egonyuluka ngokumenze walaxaza i-EFF waqoma imfundo.
Izinsolo ezingaqinisekisiwe zithi uNdlozi ukhonjwa kuwona uKhongolose, kodwa usalandela lenqubo yewindi lika-ANV, lokubhekwa uma usuka ngaphandle.
Ekhuluma uNdlozi uveze ukuthi ukumiswa kwakhe kwi-EFF, yikona okwamenza wangaya engqungqutheleni yokukhetha ubuholi baleli qembu ngoNovember 2024 eGoli.
“Ukumiswa kwami kwakuphambene nomthetho sisekelo weqembu. Ukumiswa kwami ngatshelwa ngakho kusele amasonto ayi-6 kuhlale ingqungquthela. Kwathiwa ngiyaphenywa ngenxa yezinsolo ezimbili,”kuchaza uNdlozi.
Echaza kabanzi ngalezi zinsolo, uthe wasolwa ngokuthi usebenzisana neqembu iMK Party futhi usezinhlelweni zokujoyina leli qembu eliholwa uMnuz Jacob Zuma owayenguMengameli kuleli. Wathi okwesibili ukuthi wayazi ukuthi lowo owayeyiphini likaMengameli we-EFF uMnuz Floyd Shivambu uyojoyina iMK Party anguNobhala wayo.
