Izindaba

KULETHE UVALO UKUBULAWA KWABE-ANC BEKHANKASA

ENDAWENI yesigameko, lapho kubulawe kwabulawa amalunga e-ANC . IZITHOMBE:KZNOTP

OWAMI THABETHE

SIKHANDE amanzi emadolweni kumaqembe ezepolitiki, ukubulawa kwamalunga e-African National Congress, ekade ekhankasa eMgababaogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal ngoLwesine mhla zingama- 15 kuMfumfu, okushiye isithombe sokuthi kungenzeka lolu ukhetho kungabi nalo uzinzo.

Lesi sigameko sidlule emahlabeni namalungu amabili e-ANC, kwathi amanye athola umhuzuko, ngesikhathi somkhankaso wokungena umuzi nomuzi ku Ward 98 eMgababa. UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, ucele amaphoyisa ukuthi angalali, asebenze ubusuku nemini kuze kuboshwe abasolwa ababulali.UNtuli unxuse amaphoyisa ukuthi enze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi labo abathintekayo bayatholakala futhi babhekane nengalo yomthetho.

“Ukungaboni ngaso linye kwezepolitiki akumele kuphenduke isizathu sokuchitheka kwegazi, kusatshiswe abantu noma baphucwe ilungelo lokuzibandakanya okhethweni”, kusho uNtuli.Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe imibiko yokuqala iveza ukuthi abesifazane ababili nowesilisa, ababehamba nonogada babo ababili, babephakathi nomkhankaso wokungena umuzi nomuzi ngesikhathi kuqhamuka iveni emhlophe yohlobo lwe-Isuzu ngemuva kwabo.

“Abebehamba kule veni kubikwa ukuthi bavulele ngenhlamvu kubantu abahlanu, besebenzisa izibhamu ezinkulu nezibhamu ezincane, owesifazane nowesilisa bahlonzwe njengabashonile endaweni yesigameko” kusho uNetshiunda.Imbangela yalokhu kuhlasela ayikaziwa okwamanje.