Uncategorised

ZIKODE UTHI LABA ABAHLELA AMAMASHI AXOSHA ABOKUFIKA BAKHOKHELWE

UMENGAMELI wenhlangano Yabahlali Basemjondolo uMnuz Sibusiso Zikode ekhuluma nezinkumbi zabantu ebezimasha, nathe laba abahleli amamashi bakhokhelwe kodwa abahlala emjondolo akaze bathole lutho.

IZINKUMBI zaBahlali Basemjondolo ebemasha . IZITHOMBE: ZETHU PHOSWA

NOMCEBO NGEMA

USHIYE angalazi uMengameli wenhlangano Yabahlali Basemjondolo uMnuz Sibusiso Zikode kubahleli bamamashi anxenxa abokufika kuleli ngokungemthetho ukuthi babuyele emazweni abo, njengoba ethi inkulu imali abakhokhelwa yona ngabathile ukuze baxoshe abokufika.
Usho lokhu izolo eCity Hall, eThekwini njengoba le nhlangano ibimasha iphikisana nomthetho ohlongozwayo obizwa ngeThe Prevention of Illegal Eviction from and Unlawful Occupation of Land (PIE) Amendment Bill, njengoba bethi uzobaphuca umhlaba abakhe kuwona.

Uthi abahleli bamamashi inkulu imali abakhokhelwa yona futhi akazi ukuthi bona njengabahlali basemjondolo bakhokhelwa malini ngalokho.
“Thina sishumayela umoya wokuthula, umoya wokubambisana nomoya wothando ngoba sakha iNingizimu Afrika esiyifunayo. Njengenhlangano asisoze sazibandakanya kwimibhikisho yokubandlulula, ngiphatheke kabi ngesikhathi ngivakashela ihholo eSharewood lapho kugcwele khona abantu ababizwa ngababaleki abalapha eNingizimu Afrika abakhishwa inyumbazane, abasatshiswayo futhi abasuswa ngendluzula ezindaweni abahlala kuzona. Abantu bokufika abaxoshwa ithina, abahlaselwa ithina ngoba asizibandakanyi nanoma iluphi uhlobo lobandlululo ngoba njengoba kuthiwa abahambe, kusasa kuzothiwa abase-Eastern Cape abahambe, kuzothiwa abaphesheya koThukela abahambe, kuzothiwa abaseLimpopo abahambe thina sazi ukuthi wonke umuntu wakhiwe ngomfanekiso kaNkulunkulu,” kusho uMnuz Zikode.

Uthi kubuhlungu kubona ukubona usizi lubhalwe emehlweni kubantu abazaliswe yibona lapha eNingizimu Afrika, njengoba bethi namuhla abahambe.
“Lo mhla zingama-30 kulenyanga siyaziqhelelanisa nawo njengombutho ngoba singabantu. Thina siyazi ukuthi ithi ingahamba idle udaka. Unyawo alunampumulo namuhla imina, kusasa uwena. Akukho esizokuthola ngokushaya abantu bokufika, noma bengahamba namuhla awukho umsebenzi ozovuleka futhi noma waliwe intombi yakho noma bengahamba ngeke kodwa intombi yakho iphinde ibuyele kuwena wena othi wadlelwa intombi. Sizozivikela izimpilo zabantu namuhla, kusasa nanguna phakade ngoba ayikho imiphefumulo ezolahleka egameni lethu,” kuphetha uMnuz Zikode.