ISIFO SAMATELE SIHLONZWE NJENGEHLEKELELE E-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ekhuluma kwisithangami sabezindaba ngesifo samatele. ISITHOMBE: ZANDILE SHANGE
NOMCEBO NGEMA
SIMANZONZO isimo KwaZulu-Natal , kulandela ukubhebhetheka kwesifo samatele ikakhulukazi kwizinkomo.
Lokhu kudalulwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngesikhathi ebize isithangami sabezindaba namhlanje, e-The Marine Building, eThekwini.
UNdunankulu uthi lesi sifo sikhahlameze kakhulu izinkomo senza kucikizele umnotho kuleli.
“Siyazi sonke ukuthi iKwaZulu-Natal inabafuyi abaningi, abafuye izinkomo abenza imikhiqizo eminingi yezinkomo ukusukumela kubisi ushizi, inyama nokunye. Lesi simo sikhahlameza umnotho kakhulu ngoba imfuyo ayikwazi ukuphuma futhi nabasebenzi abazuzayo nabo bayalimala kakhulu. Osomabhizinisi bayalimala kanjalo nabasebenzi bayalimala uma umkhiqizo ungasemuhle futhi nenzuzo ingasangeni. Yingakho sikhipha lo mbiko njengoHulumeni waKwaZulu-Natal ngokubambisana noMnyango wezoLimo, ukuthi simemezele lesifo njengenhlekelele enkulu ebhekene nesifundazwe. Sisibikelile isikhungo sezinhlekelele kuzwelonke ngoba isifundazwe saKwaZulu-Natal isona esikhahlamezeke kakhulu,” kuchaza uNdunankulu uNtuli
Uqhube wathi baphinde bathola ukuthi njengoba isifundazwe saKwaZulu-Natal sikhahlamezeke kangaka yingoba sinezinkomo ezilinganiselwa ku-2.4 million, lezi zinkomo nazo zisengozini yokuba izisulu zalesifo futhi ezinye zazo sezihaqekile.
“Uhulumeni kazwelonke useqalile naye ulandela imigomo yokuthi kumenyezelwe lesifo njengenhlekelele kazwelonke ngoba nezinye izifundazwe zithintekile kodwa sizoxhumana noNgqongqoshe wezoLimo kuzwelonke kanye nowesifundazwe. Silindele umgomo kusukela ngoLwesibili ebese umnyango uyasilekelela ukuthi ufinyelele ezindaweni zonke futhi siyaxhumana nabantu ngazo zonke izindlela ngokwenzekayo,” kuphetha uNdunankulu Ntuli.
