
KUZOKHUNJULWA UMNTWANA WAKWAPHINDANGENE
KUZOKUBA nomgubho wosuku lokuzalwa kuka Mntwana Mangosuthu Buthelezi. ISITHOMBE: TOURISM ULUNDI FACEBOOK
OWAMI THABETHE
UHULUMENI waKwaZulu-Natal, uzongena esigabeni sesibili somsebenzi wokuhlonipha iqhaza likaMntwana uMangosuthu Buthelezi. Lolu hlelo lubeka umhlaka 27 kuNcwaba, njengosuku lukaMntwana uMangosuthu Buthelezi.
Ngonyaka odlule, idlinza likaMntwana lamenyezelwa njengeSiza Somlando sesifundazwe, okwaqala uhlelo lweminyaka eminingi oluphokophele kunyaka ka-2027, lapho kuzogujwa ikhulu leminyaka lokuzalwa kwakhe. INkosi yakwaPhindangene ibe negalelo elikhulu ekwakheni umlando waseNingizimu Afrika, uklame indima enkulu ekumiseni nasekuqiniseni ubukhosi bakaZulu, ungumsunguli wenhlangano yezombusazwe Inkatha Freedom Party (IFP) futhi wayeyilungu lePhalamende eNingizimu Afrika.
ULindelani Mbatha okhulumela iHhovisi likaNdunankulu uthe basazosikhipha isitatimende, uma sephothulile konke nomndeni weNkosi yakwaPhindangene
