Uncategorised

KUFUNWA OWASEMALAWI OKHALE WEMUKA NESAMBA SEMALI NOBUCWEBE

KUVULELWE icala owesifazane waseMalawi okhale wemuka nesamba semali nobucwebe. ISITHOMBE: KZNSAPS

NOMCEBO NGEMA

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal athungatha owesifazane waseMalawi oneminyaka engama-25 ubudala, obesebenza endlini emzini othile eThekwini onyamalale nobucwebe obungabiza imali engu-R1 million, nemali engango-R10 000, izolo. Ngokusho kukamqashi wakhe uthi igama lalomsolwa ngu-Fatima Lawerence udabuka eMalawi. Uthi ubuye asebenzise igama lika-Esther njengoba kuyilona elivela kwi-passport yakhe.

Uqhube wathi uLawerence ubesebenza njengomsizi wasendlini iminyaka ecishe ibe yisikhombisa kulomuzi. Ngokusho kwabakwa-Reaction Unit South Africa (RUSA) okuyibona abafike kuqala endaweni yesigameko bathi izinto ezebiwe zihlanganisa ubucwebe begolide bakudala kanye nezinhlamvu zemali zeKruger. Kuthiwa ukwebiwa kwempahla kutholakale ngesikhathi umndeni ubuyela ekhaya ngezithuba zabo-17:30 ntambama izolo.Kucelwa nanoma ngubani onolwazi olungaholela ekutholakaleni kwalo msolwa, ukuthi ashayele le nombolo engu-086 123 4333.