KUDUTSHULWE KANZIMA ABESILISA ABATHATHU BEZIMELE ENANDA

ABAKWA-RUSA okuyibona abafike kuqala endaweni yesigameko bahlenga oyedwa obekhona. ISITHOMBE: RUSA
NOMCEBO NGEMA
KUDUTSHULWE abesilisa abathathu ebebezimele eceleni komgwaqo eMouti eNanda, izolo ntambama.
Laba besilisa kuthiwa badutshulwe owesilisa obesemotweni yohlobo lwe-seven seater.
Ngesikhathi kufika abakwa-Reaction Unit South Africa (RUSA) endaweni yesigameko, bafice oyedwa elimele kanzima waphuthumyiswa esibhedlela, ababili bakwazile ukubaleka.
“Ngesikhathi sibathungatha, simtholile owesibili edutshuliwe kanzima. Sibe sesimgcina endaweni ephephile lapho ebelinde khona ukuthola usizo lokuqala ngoba besesaba ukuthi lo obadubulile angase abuye,” kusho abakwaRusa kwisitatimende.
Baqhube bathi lo wesithathu akakatholakali njengoba bonke bekungabalapha eNingizimu Afrika. AbakwaRusa bathi isizathu sokudutshulwa kwabo asikaziwa njengoba nomuntu obadubulile engaziwa.
