UMKHOSI WESIVIVANE UQALE NGESASASA EMPAKAMA

ANELE ZUMA
AMAGQUMA anokuthula aseduze neSigodlo SaseMashobeni enanelwe umoya wokuthula, impokophelo nokuziqhenya ngesikhathi uMkhosi Wesivivane, oqala ngomhlangano wokucobelelana ngolwazi, eMpakamo KwaNongoma.
Lo Mkhosi Wesivivane oba minyaka yonke, ugxile ekufukuleni abesifazane ubacije ngokuthi bakwazi ukubhekana nezinselelo ababhekana nazo emiphakathini yabo.
Lo mkhosi ugxile kakhulu ukunika abesifazane abangoNomehlo bezintombi, ukuba nesithangami sokukwazi ukuphefumula baphinde bacijwe ngolwazi.
Lesithangami sihlelwa uMnyango wezemiDlalo, ezobuCiko Namasiko ngokubambisaba neminye iminyango kahulumeni nomphakathi, ngenhloso yokuphakamisa abesifazane ngemfundo, ukuzimela, nokugubha amasiko
Okufike kwagqama ukucobelelana ngolwazi okubhekwe ukuthi kukhuthaza abesifazane, ukuthi babambe iqhaza elibonakalayo ekuqinisekiseni ukuphepha nokuphila kahle emakhaya nasemiphakathini.
Iningi lalabo mama besivivane lingo “Nomehlo” abasebenza umsebenzi wesizwe ekufundiseni izintombi zomhlanga, esinye sezihloko ezibhekiwe kube ukukhuliswa kwezingane ngokulinganayo kanye nezimiso zokukhulisa izingane zamantombazane nabafana.
Abaningi ababehambele umcimbi bazwakalise ukukhathazeka ngosizo olunganele oluvela emaphoyiseni aseNingizimu Afrika begcizelela ukubaluleka kwezindawo eziphephile zabesifazane nezingane.
Ugcizelele isidingo sokuba umzali okhulisa ukulingana nezindinganiso, wathi
“Kumelwe sikhulise izingane eziyiqondayo inhlonipho nesithunzi. Abafana namantombazane ngokufanayo.” kusho uNdlunkulu MaXulu Zulu wasoSuthu ovela kwi Civil Society yaseZululand.
Omama beze isiko lokuyozethula eSilweni, ngokuthwala inyanda yomhlanga bayiyise eSigodlweni SaseMashobeni, okuwuphawu lobumbano, ukuqina, namandla abesifazane. ISilo uMisuzulu kaZwelithini sethule inkulumo yosuku namuhla, ngenhloso yokubungazwa iqhaza namandla abesifazane emphakathini.

