Uncategorised

UPENNY ULAXAZE I-JOZI FM EYAMTAKULA KWI-GAGASI FM

UPENNY Ntuli umemezele ukuthi uyashiya kwiJozi FM. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

KUGQABUKE igoda leminyaka emibili phakathi komsakazi uPenny Ntuli nomsakazo iJozi FM.
Lezi ndaba zokushiya kwakhe lesiteshi zimenyezelwe uyena uPenny namhlanje ekuseni ekhasini lakhe ku-Facebook.

UPenny uveze ukuthi ushiya ngoba ebheke amanye amadlelo aluhlaza, akukho okubi okwenzekile phakathi kwakhe nalesi siteshi. “Ngafika lapha eGoli ngizitshela ukuthi ngizosebenza izinyanga eziyisithupha nje kuphela bese ngiphindela ekhaya kodwa buka manje sekucishe kwaphela iminyaka emibili ngilapha ngenxa yempatho efudumele engafike ngayithola.
Njengoba bengilapha kwiJozi FM ngifunde izilimi eziningi ezintsha. Ngiyabonga kubalaleli ngokungibekezelela ngoba bengingakwazi ukubiza amanye amagama bangisiza kakhulu ikakhulukazi ebengisebenza nabo emsakazweni. KwiJozi FM ngihlomule izindondo ezimbili njengomsakazi, manje sekuyisikhathi sokuthi ngikhule ngithole amanye amadlelo aluhlaza,” kusho uPenny.

Uphinde wabonga abaphathi bakhe uNjomane, uMnuz Tshepo Makgopa nabanye wathi bamphathe kahle kakhulu.

Kuzokhumbuleka ukuthi uPenny wajoyina umsakazo iJozi FM ngemva kokushiya kwiGagasi FM owathi limholela imali encane.