Uncategorised

UNTULI UTHI INTSHA INGAVUMI UKUDIDISWA OSOPOLITIKI

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli ekhuluma nezinkumbi zabantu abasha ngosuku lwabo.

IZITSHUDENI, abafundi bezikole ezihlukene kanye namalunga omphakathi bethamele inkulumo yosuku kaNdunankulu uNtuli. IZITHOMBE: ZETHU PHOSWA

NOMCEBO NGEMA

KUKHUTHAZWE intsha ngokuthi ingavumi ukudidiswa nokusetshenziswe osopolitiki ukufeza izinhloso zabo. Lokhu kushiwo uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngesikhathi kunomcimbi wokugubha usuku lwentsha eDurban University of Technology ngoLwesibili. UNdunankulu uNtuli uthi lolu usuku lwabantu abasha lokuthi baziveze ukuthi kungabekwa yini amathemba kubona ngekusasa lalelizwe, nokuthi yimuphi umlando abayosala bewuqophile wokuthuthukisa izwe labo. Uveze ukuthi lolu usuku lwentsha lokubungaza intsha yangonyaka ka-1976.

“Bantu abasha sukumani nimele amalungelo enu nasezintweni enikholelwa kuzona. Ningavumi ukuthi sinididise njengoba singosopolitiki, ningavumi ukuthi sinisebenzise ukufeza izinhloso zethu kodwa nina melani ikusasa lenu ngeqiniso. Sukumani nimele lokhu okunilungele hhayi okulungele osopolitiki. Konke kulele kunina ukuthi nithatha isinqumo sokusilandela uma sininika ingilazi kabhiya, noma sininika izijumbane zokudla okanye nilandela labo abanilalelayo futhi banisize ukufezekisa amaphupho enu,” kusho uNdunankulu uNtuli.

Uqhube wathi lesi isikhathi sabantu abasha sokuthi bathathe isinqumo sokuthi akekho ozothatha ikusasa labo, ngoba bayazazi ukuthi bafunani. Uthi baqale uhlelo lapho bexoxisana nabakwaState Information Technology Agency (SITA) bebatshela ukuthi kudala beqeqesha intsha kodwa ijike ingawutholi umsebenzi.

“Sekuneminyaka eminingi uSITA uqeqesha abantu abasha, kodwa uma beqeda uqeqesho bathola izitifiketi babuyele kwindlala. Sibatshelile ukuthi sifuna lokho kuphele nya, ebese kuthi uma beqeqesha intsha sifuna babatholele umsebenzi futhi babafundise ngamabhizinisi abangaziqalela wona,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.