Izindaba

ISILO SIKHALA NGOKUKHISHWA INYUMBAZANE

INGONYAMA yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini eMkhosini woMhlanga eMachobeni.
ISITHOMBE: INDLUNKULU

OWAMI THABETHE

ISILO uMisuzulu kaZwelithini, sizwakalise ukungenami ngokungamenywa emicimbini emikhulu kahulumeni, ebanjelwa esifundazweni i-KwaZulu-Natal, esichaze njengesenzo sokwedelela isihlalo saso.

INgonyama iphefumule ngalokhu, ngesikhathi kunoMkhosi woMhlanga waseMachobeni, ngoMgqibelo mhlaka 5 kuMandulo.
ISilo sisole uhulumeni waseNingizimu Afrika, ngokusivalela ngaphandle engqungqutheleni yamazwe aseNingizimu ne-Afrika i- SADC, eyayiholwa nguMengameli Cyril Ramaphosa, mhlaka-16 kuya ku-17 kuNcwaba 2026, eChief Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.
“Eminye yemicimbi emikhulu ebanjelwa eThekwini, ihlanganisa Africa’s Travel Indaba, SADC Industrialisation Week, SA Auto Week, Presidential eThekwini Working Group, BRICS Summit. Ngokomthetho yonke le micimbi ifuze ukuthi yethulwe eNdlunkulu kaZulu,” kubhonga iSilo.

UMnyango wezokuXhumana kwamaZwe nokuBambisana, uyakuphika ukuthi iSilo kasimenywanga.
Bathi basithumela isimemo ngokusemthethweni eHhovisi leSilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini, ukuthi sihambele umhlangano weSADC.
” Bekulindeleke ukuthi iSilo sihambele idili elisemthethweni, nomcimbi wokuvula, kodwa iNdlulamithi ayizange ibonakale,” ngokusho kwesitatimendi esithunyelwe.