Izindaba

UYAQHUBEKA UMDLALO WE-MTN8 CUP ETHEKWINI

UMDLALO wamanqamu ophakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns. ISITHOMBE: FACEBOOK

AKHONA DLAMINI

IZIBHELU zamamashi ebethe zithe chithi saka eThekwini nezishiye kushiswe izimoto eziyi-14 namabhilidi, kaziphazamisanga umdlalo wamanqamu weMTN 8, ophakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, namuhla mhla ziyi-10 kuMfumfu, eMoses Mabhida Stadium.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshuinda, ukuqinisekisile ukuthi konke kumi ngithi nezokuphepha ziqinile kakhulu.

“Siyaqinisekisa ukuthi yonke imigwaqo eholela eMoses Mabhida Stadium ivuliwe futhi iqashwe ngeso lokhozi. Sixwayisa noma ngubani ozozama ukuqhuba umbhikisho emigwaqweni eholela enkundleni noma ezindaweni eziseduze nayo uzobhekana nengalo yomthetho,” kusho uNetshiunda.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi kusabalale izindaba ezingamampunge, zokuthi lo mdlalo sewuhlehlisiwe ngenxa yombhikisho wokuxosha wabokufika onodlame.Uqhube wathi ukuphepha kwabadlali, izikhulu nezibukeli bakubeke eqhulwini.