
KUTHOLAKALE ISALUKAZI SESISHONILE E-WATERLOO
OWAMI THABETHE
OWESIFAZANE osekhulile, okukholakala ukuthi uneminyaka engama-70, utholakale eseshonile emzini wakhe eWaterloo Phase 6, ngoLwesibili mhla ziyi-15 kuMandulo.
Amalungu ebandla lakhe ashaye amakhala ngemuva kokungamboni izinsuku ezimbalwa.
Bathe bezwe sekuvimbanise iphunga elinamandla liphuma endlini, uma besondela kwakhe beyombheka, bamfica elele embhedeni, ngesikhathi bememeza belunguza ngefastela.
Babe sebebiza amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo abangene endlini base bebazisa ukuthi lona wesifazane useshonile. Umzimba wakhe ubusesimweni sokonakala njengoba lona wesifazane kade ehlala yedwa, kanti izimo eziholele ekushoneni kwakhe kuze kwashaya isikhathi sokushicilela zingakaziwa.
